News24

Kushone oshayiswe yisitimela

2012-03-13 12:04

Cape Town - Sekuphinde kwanomunye futhi oshonayo emuva kokushayiswa yisitimela ePaarl, eWestern Cape ngoLwesibili, kubika i-Eyewitness News.

Emasontweni ambalwa edlule sekushone bantu abaningi ezehlakalweni zezingozi zezitimela..

Isehlakalo esinyantise kakhulu ileso sowesifazane owayehamba nabantwana bakhe, owavele wama phuhle phambi kwesitimela samgaya.

Lesi sehlakalo sona senzeke ngenyanga kaFebhuwari.

NgoLwesibili ekuseni kube nokuphazamiseka kokuhamba kwezitimela ezisuka eWellington ziya eKapa zinqamule ePaarl.

Okwamanje akukacaci kahle ngale ngozi.

Okhulumela uMetrorail u-Eddie Chinnapen uthi okwamanje basebenzis a amabhasi ukuthutha abagibeli.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).