News24

Kushone owesifazane emlilweni eKapa

2012-08-06 10:03

Cape Town - Kushone owesifazane ngesikhathi kuqubuka umlilo emjondolo ose-Atlantis ngoMsombuluko ekuseni, kusho isikhungo esibhekelele izinhlekelele eKapa.

Okhulumela lesi sikhungo uWilfred Solomons-Johannes uthe uMobophini Jeku ubevaleleke ngaphakathi kulo mjondolo wakhe obusha ubuhanguhangu emijondolo yaseWitsand ngabo-02:20.

Ushonele endaweni yesigameko.

Kusaphenywa ngembangela yalo mlilo.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter