News24

Kushone owesifazane engozini ePMB

2012-05-18 08:03

Pietermaritzburg - Kushone owesifazane kwathi indodakazi yakhe, 13, yalimala ngesikhathi isithuthuthu abebehamba ngaso siphaphalaza siphuma emgwaqeni kuR33 ngaseNew Hanover ngoLwesine ekuseni.

Iphoyisa lithe lesi sithuthuthu besilibangise eMgungundlovu ngesikhathi kwenzeka le ngozi.

Okhulumela i-ER24 u-André Visser uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo bathola owesifazane eshonile.

Indodakazi ilimale umgogodla nasentanyeni.

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter