News24

Kushone owesilisa 'ekotela isitimela'

2011-10-27 07:02

Durban - Abezimo eziphuthumayo bathi kushone owesilisa kulandela ukubanjwa yizintambo zikagesi ngesikhathi "ekotela isitimela" esiteshini sesitimela esiseThekwini.

"Lo wesilisa oseminyakeni eko-20 ubudala ushone ngezithuba zawo-16:00 ngoLwesithathu," kusho okhulumela iNetcare 911 uChris Botha.
 
Labo abakotela izitimela benza lokhu ngokulala phezulu kwazo zihamba, bevika izintambo zikagesi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter