News24

Kushone owesilisa engozini eThekwini

2012-07-11 12:03

Johannesburg - Kushone owesilisa engozini yomgwaqo eyenzeke emgwaqeni ongu-N2 ngasesikhumulweni sezindiza eThekwini, kusho abahambisa usizo oluphuthumayo ngoLwesithathu.

Iveni loshonile ligingqike lisuka endaweni ephakeme ngamamitha okungenani angu-50, umshayeli uthanqazeke phansi esuka emotweni, kusho okhulumela abakwa-ER24 uVanessa Jackson.

Ingozi lena yenzeke ebusuku ngoLwesibili kanti indoda eshonile iseminyakeni elinganiselwa ko-30 ubudala.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).