News24

Kushone owodwa engozini yemoto

2011-06-06 08:23

Durban – Kushone umlisa kwingozi yemoto kumgwaqo weN3 ngaseHilton ebusuku ngeSonto, kusho osebenzela i-ER24 waKwaZulu-Natal.

Kushayisane itekisi neveni, kusho uAndre Visser we-ER24.

Umshayeli weveni uthole ukulimala, kwazekwashona lowo obehamba naye.

Umshayeli wetekisi ulimale kancane.