News24

Kushone umfana embhikisweni

2012-07-03 14:06

Durban - Kushone umfana oneminyaka engu-15 ubudala ngemuva kokudubuleka ngephutha, amaphoyisa etholana phezulu ngenganono namalungu omphakathi waseFolweni abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela amatekisi ngoMsombuluko, kusho iSolezwe.

Lo mfana ubeyingxenye yamakhulu omphakathi abebhikishela ukwenyuka kwemali yokugibela emgwaqeni omkhulu kule ndawo.

Udubuleke esifubeni washonela khona lapho.

Umphakathi waseFolweni uvuke umbhejazane wavala imigwaqo ngamathayi avuthayo ukhala ngokunyuka kwemali yokugibela.

Umbhikisho uqale ekuseni laze layoshona kusashiswa amathayi, besishubile isimo kule ndawo, kungahambeki nezimoto ezincane zigcine zingasakwazi ukusebenzisa lo mgwaqo obuvaliwe.

Kuthiwa kushiswe neveni, umnikazi wayo obefuna ukudlula ngenkani kulo mgwaqo, umphakathi uthe uzoqhubeka nokuvala imigwaqo kuze kube imali yokugibela iyehliswa.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • philie.gwala.1 - 2012-07-03 16:58

    kumele kuxoxiswane namalungu omphakathi uma kunyuka imali ukuze kungabikhona umsindo

  • musa.ngcongo.1 - 2012-07-03 21:10

    Uma kunyuka ukudla kuyaxoxiswena yini uhulumeni kumele anike osomatekisi isubsidy khona kuzosizakala uphakathi into ebangele ukuthi banamalungelo too much bese bewasebenzisa wrong

  • pages:
  • 1