News24

Kushone umfana engozini eKZN

2012-09-21 12:03

Johannesburg - Kushone umfana, 9, ngesikhathi eshayiswa yitekisi ngaseFolweni, eningizimu neTheku ngoLwesihlanu, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal.

Owezimo eziphuthumayo uthole lo mfana edindilizile emgwaqeni engungwe ngumndeni wakhe, kusho okhulumela i-ER24 uDerrick Banks.

"Babe sebeyazama ukumhlenga kodwa kwatholakala ukuthi useshonile."

Umshayeli wetekisi ubuyele endaweni yesehlakalo esehamba nabomthetho ngemuva kokubalandisa ngesigameko.

Le ngozi yenzeke ngabo-07:45.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter