News24

Kushone umfundi engozini e-E Cape

2012-05-10 07:46

Johannesburg - Kushone umfundi kwathi abanye abangu-19 balimala kabi ngesikhathi kugingqika iveni abebehamba ngayo kuN2 phakathi kweMount Ayliff neKokstad,  e-Eastern Cape, kusho abe-Arrive Alive ngoLwesine.

"Kusolakala ukuthi umshayeli usike enye imoto wabe esehluleka ukulawula imoto yakhe yakhalakathela ebhulohweni,” kusho okhulumela le nhlangano uTshepo Machaea.

Le ngozi eyenzeke ngabo-16:00 ngoLwesithathu, ibulale umfundi oyedwa njengoba abanye kumbulwa kwembeswa kubo.

Abalimele baphuthunyiswe esibhedlela iMount Ayliff.

Umshayeli ubekwe icala lokubulala nokushayela edle amanzi amponjwana njengoba etholakale nebhodlela lotshwala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter