News24

Kushone umsebenzi wasegalaji eKZN

2012-04-26 12:02

Johannesburg - Kushone umsebenzi wasegalaji likaphethiloli eThekwini ngesikhathi eshayiswa yimoto, kusho abezimo eziphuthumayo KwaZulu-Natal ngoLwesine.

OweNetcare 911 uChris Botha uthe abezimo eziphuthumayo bafike endaweni yesehlakalo eNorth Coast ngabo-18:00 ngoLwesithathu.

Ushonele endaweni yesehlakalo ngenxa yokulimala kanzima yize abosizo lokuqala bezamile ukumhlenga.

"Iminingwane egcwele ngokushona kwalo wesilisa izocaca uma amaphoyisa esenza uphenyo," kusho uBotha.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter