News24

Kushone umvukuzi esemsebenzini

2012-06-25 16:24

Johannesburg - Kushone umvukuzi ngesikhathi kwenzeka ingozi ekheshini ebelibathwele ngaphakathi emayini iLonmin, eseBrits, eNorth West, kusho imayini ngoMsombuluko.

Umsebenzi ushone ngoLwesihlanu, ume nse umsebenzi ngemuva kwesehlakalo, kusho isikhulu u-Ian Farmer.

Umsebenzi uzothi ukuma endaweni yesehlakalo kuze kuba kuphothulwa uphenyo.

"Inkampani ithanda ukwedlulisa amanzi enduduzo emndenini womsebenzi  oshonile, kubangani kanjalo nezihlobo," kusho uFarmer.

Okwamanje ibingakabi khona imininingwano egcwele ngengozi.


 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).