News24

Kushubile kwelika-Oscar

2013-02-21 14:02

Pretoria - Umsolwa ecaleni lokubulala intombi u-Oscar Pistorius watshela iphephabhuku iSarie wathi unomuzi e-Italy, okuyinto manje ephikiswa ngummeli wakhe, kusho umshushisi uGerrie Nel, etshela iNkantolo yeMantshi ePitoli.

UNel uzama ukuphikisa isicelo sebheyili salo msubathi, uthe wafonelwa ngumseshi uWarrant-Officer Hilton Botha, owambuza ukuthi walifunda yini leli phephabhuku.

"Sizokwenzenjani ngalokho Mnumzane uRoux?" uNel ebuza ummeli kaPistorius uBarry Roux.

URoux uqhubeke waqinisekisa ukuthi uPistorius akanawo umuzi e-Italy, wathi: "Ngiyazi ngalawo manga."

Ubufakazi abukhombi ukuthi ubulele, kusho ummeli uRoux.

URoux ukhalaze ngophenyo athi lube sezingeni eliphansi kakhulu, nathi lwenziwe ngumphenyi wecala.

Umsolwa ubhekene necala lokudubula abulale intombi yakhe uReeva Steenkamp, kanti uyaliphika leli cala.

Ummeli wakhe uthi kumele inkantolo isho ukuthi kungani ithi leli cala labe lihleliwe.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Mduduzi Zondi - 2013-02-21 22:37

    Ey madoda asazi kwelka Oscar kodwa ke if no Jub Jub baboshwa naye ukulungela ukuvalelwa isikhiye istshingwe olwandle, ayikho iyenzenjani!!!!

      Lizwi Jali - 2013-02-22 06:56

      Ay mina angbopni efanelwe ukugwetshwa uOscar ngoba akwenza kwakungeyona inhloso okungenzeka nje ukuth ahlawuliswe kanzima njengoba evezile ukuth uphila ngoku satshiswa kanti futh ukhubazekile

  • pages:
  • 1