News24

Kuteleke abashayeli bamabhasi

2012-06-13 08:25

Johannesburg - Umgwaqo uGolden Highway, eningizimu neGoli uvaliwe kulandela ukuthi abashayeli bamabhasi bangene esitelekeni, kusho izikhulu zomgwaqo.

Isikhulu samaphoyisa omgwaqo uChief Superintendent Wayne Minnaar uthi kusebenza umzila owodwa emgwaqeni ophakathi kweFinetown ne-Ennerdale.

"Siyacela abashayeli basebenzise u-N1, ukugwema isiminyaminya."

UMinnaar uthi ayikazeki imbangela yesiteleka.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).