News24

Kutholakale isidumbu sentombazane eLimpopo

2013-02-25 16:21

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sentombazane eneminyaka engu-18 ubudala, endaweni yaseRitavi, ngaphansi kukaMasipala iMopani.

Lo mbiko ukhishwe ngamaphoyisa aseLimpopo ngoMsombuluko.

Isidumbu sikaSharon Nkgampele sitholwe ngumuntu obedlula ngendlela, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Ronel Otto.

Amaphoyisa athi asolwa ukuthi uNkgampele ubulawe ngokuklinywa, wagcina ukubonakala ephila ngeSonto.

Akukho muntu oseboshiwe ngalesi sehlakalo.



 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • Babalwa Mnconywa - 2013-02-25 21:11

    Amapolisa kutheni engazami kutholakale umbulali

  • pages:
  • 1