News24

Kutholakale isidumbu sowesifazane emgwaqeni

2013-01-04 08:59

Johannesburg - Kutholakale isidumbu sowesifazane oneminyaka engu-20 ubudala, sidindilizile engwaqeni eSwaneville, ngaseKrugersdorp, eGauteng.

Ngokusho kukaWarrant Officer Solomon Sibiya, isidumbu sitholwe ngumuntu obedlula ngendlela, wase ebikela amaphoyisa.

"Isidumbu besingenamanxaba abonakalayo kodwa umufi ubeqimbile. Iselula yakhe yohlobo lweNokia, itholakale eceleni kwesidumbu.”

Umufi wagcina ukubonakala ephila mhlaka-31 Disemba 2012.

USibiya uthi ezinyangeni ezimbili ezedlule kwatholakala isidumbu sowesifazane, eHospital View, eKagiso.
 




 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.