News24

Kutholakale izidumbu zezingane noyise

2012-08-20 16:40

Cape Town - Kutholakale izidumbu zezingane ezimbili ziklinyiwe kwathi esikayise wazo satholakala silenga ekhaya kubo eMossel Bay, kusho amaphoyisa aseWestern Cape.

Izidumbu zitholwe ngumakhelwane, ngesikhathi unina wezingane esemsebenzini, kusho uCaptain Bernadine Steyn.

Izingane ezineminyaka ephakathi kweyisikhombisa nesishiyagalolunye ubudala, zitholakale zilele phezu kombhede sezishonile, kubukeka sengathi ziklinyiwe kanti uyise ubelenga ngentambo eqinile.

Amaphoyisa athe kuzohlolwa izidumbu kuze kuzotholakala imbangela yokufa kwezingane.

 


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).