News24

Kutholakale izizinda zezidakamizwa eGoli

2012-11-16 07:56

Johannesburg - Kubhadanywe izizinda ezimbili zokukhiqiza izidakamizwa eGoli ngoLwesine ebusuku, kusho amaphoyisa.

UCaptain Paul Ramaloko uthe umsolwa, 36, uboshwe ngesikhathi kugaselwa eRandburg.

"Sithole iziqukathi ezingu-42 500ml sezihlanganisiwe. Bezinoketshezi olusetshenziselwa ukwakha isidakamizwa esaziwa nge-magic mushroom," kusho uRamaloko.

Lolu ketshezi lungabiza u-R30m ngentengo yasemgwaqeni.

Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseRandburg kungekudala.

URamaloko uthe kwesinye isigameko kuboshwe abantu abathathu abangabokufika eRoodepoort.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter