News24

Kuvikelwe obhejane ngokukhishwa izimpondo

2012-11-23 08:20

Durban - Obhejane ababili bakhishwe izimpondo eNambiti Game Reserve, KwaZulu-Natal ukuze bavikeleke kulabo ababazingela ngokungemthetho, kusho umbiko weThe Witness ngoLwesine.

"Kube wusuku olunomunyu impela, asithandi ukuphazamisa imvelo ngokukhipha obhejane izimpondo, kodwa akukho esingakwenza," kusho uSihlalo uClarke Smith.

Imenenja yalesi siqiwi esingaseMnambithi inqabile ukuphumela obala ngesibalo sobhejane abanabo ngenxa yezokuphepha.

Lolu hlelo beluholwa yithimba lesiqiwi nodokotela bezilwane ngoLwesine ekuseni.

Kusetshenziswe indiza enophephela emhlane ukuthola nokudubula labo bhejane.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • zakhele.mashazi - 2012-11-23 11:09

    Banamanga sebefuna ukuzisika ngokusemthethweni angith ukuzingelwa kobhejane inhloso izimpondo manje baqambelan amanga ngova in future ngeke uzthole lezompondo uma usuzfuna kukuph la kugcinwa khona lezo mpondo?

  • pages:
  • 1