News24

Kuvundululwe izikhali e-Estcourt

2011-11-10 07:07

Durban - Kuboshwe abantu abayisihlanu ngesikhathi amaphoyisa ebhadama izibhamu ezintathu zohlobo lwe-AK47, i-303, ama-9mm amane nezinhlamvu ezingu-30.

Lezi zibhamu zitholakale ngesikhathi amaphoyisa ephume inqina emkhankasweni wezinsuku ezimbili ngemizamo yokunqanda ubugebengu e-Estcourt ngoMsombuluko.

Lo mkhankaso ububheke ekutholeni izibhamu ezingekho emthethweni endaweni yaseWembezi naseLoskop.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter