News24

Kuwukuxhamazela ukuthi angisule - Mchunu

2013-01-01 08:43

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uWillies Mchunu uzichithile iziphakamiso zokuthi ashiye isikhundla sakhe wathi zingukuxhamazela.

"Kungukuxhamazela ukuthi kuthiwe akuxoshwe umuntu ngalokhu okwenzekile, njengoba lungakaphothulwa uphenyo," kusho isitatimende sikangqongqoshe.

"Uma sekuphothulwe uphenyo sekungaqalwa kubekwe abantu amacala ngalokho okwenzekile."

UMchunu usho kanjena ephendula abeqembu Inkatha Freedom Party abaphakamise ukuthi asule esikhundleni sakhe kulandela ukushona kwabantu abayisikhombisa abakade behlolelwa umsebenzi wokuba ngamaphoyisa kamasipala, eMgungundlovu.

Laba abashonile bebesemhajweni ka-4km, omunye wabo kubikwa ukuthi uzibulele.


 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • debongs.madiba - 2013-01-01 12:13

    Ayikho into eshiwo Inkatha ngoba uMCHUNU akahlangene nalokho.BONA abanake iqembu labo bahlukane noMCHUNU.Ukungaphusi ngomqondo uma uvele ukhulume ngaphandle kokucaba

  • linda.mthembu.18 - 2013-01-01 13:50

    iyosihlupha lendaba yabantu abangosomathuba ngoba badlala ngemizwa yabantu ngesikhathi sobunzima abantu befelwe. Bona isehlakalo bese besiphendula inkundla yepolitiki kunokuba kulekelelwe imindeni elahlekelwe.

  • cecil.luwaca - 2013-01-01 16:46

    Angiboni ukuthi ungenaphi u Mchunu kuloko okushiwo yi Nkatha. Sengathi bayaphaphalazi ke manje. Ake banake iqembu labo kebabheke ukuthi yini eliyenzela abantu base South Africa noma bazifanbele ne DA

  • 75sibusisomhlongo - 2013-01-02 02:16

    hawu kanti isekhona inkatha?

  • pages:
  • 1