News24

Kuyamubhedela uMogale

2011-03-16 16:54

Johannesburg - UJack Mogale ulahlwe amacala angu-52 kwangu-61 abebekwe wona, okubalwa ukudlwengula, ukubulala, ukuzama ukubulala nokuthumba, eNkantolo ePhakeme yaseGoli ngoLwesithathu.

UMogale ubegebise ikhanda ngesikhathi iJaji uFrans Kgomo edlulisa isinqumo sakhe.

Icala lihlehliselwe umhlaka-17 kuMashi.