News24

Kuzohlasela imvula eW Cape

2012-08-08 16:52

Cape Town - Isifundazwe iWestern Cape kumele sizilungiselele imvula enamandla ezohlasela ngempelasontoo, kusho uhulumeni wesifundazwee ngemuva kwesexwayiso sabakwaSA Weather Service.

Okhulumela abakwa-SA Weather Service uPeter Pullen uthe imvula izoshaya ngamandla eKapa, iseWinelands kanye nase-Overberg.

Okhulumela abezimo eziphuthumayo uColin Deiner uthe bami ngomumo ukubheka izinhlekelele.

Abahlali bayayalwa ukuthi bangasondeli kakhulu emifuleni, isolwandle kanjalo nasemigwaqeni, izimvula ezihlasele esifundazweni kamuva nje, zishiye kuvalwe imigwaqo kanye nezikole.

Abantu abangu-500 baseCogmanskloof nase-Ashbury kuphoqeleke ukuthi bahlaliswe ehholo lomphakathi, kulandela ukudicilileka phansi kwamakhaya abo.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).