News24

Kuzoqokwa ubuholi obusha be-ANC eF State

2013-01-17 12:03

Bloemfontein - Amalungu eqembu elibusayo i-African National Congress e-Free State, azothola elinye ithuba lokuthi aqoke ubuholi besifundazwe ngenyanga ezayo, kuqinisekisa iqembu ngoLwesine.

Okhulumela iqembu u-Oupa Khoabane uthi ikomidi leqembu esifundazweni, lizoqinisekisa ukuthi ukhetho lokuqokwa kobuholi luhamba ngendlela.

Ukhetho lubekelwe umhlaka-23 Febhuwari, inkomfa izokuba ngeyosuku olulodwa, izobanjelwa eParys.

UNobhala weqembu kuzwelonke uGwede Mantashe wamemezela ikomidi laseBloemfontein, ngaphambi kwenkomfa yeqembu enkulukazi ebibanjelwe eMangaung, ngenyanga kaDisemba.

Ikomidi lihlanganisa abesifazane abangu-11 nabesilisa abayisishiyagalolunye.

Ukuqokwa kabusha kobuholi kuza ngemuva kokuthi amalungu ayisithupha evunwe yinkantolo esikhalazweni esasithi akuhlakazwe ubuholi obukhona, ethi kwephulwa imithetho ngesikhathi buqokwa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).