News24

Kwethulwe iqembu elisha lezombusazwe

2012-11-06 12:02

Johannesburg - Imibiko yangoLwesibili ithi kwethulwe ngokusemthethweni iqembu elisha lezombusazwe iSA National Congress.

Umbiki okhishwe yiGovernment Gazette ngenyanga eyedlule, wazise ngeqembu elisha i-SANC, kusho abezindaba zeBusiness Day.

Umkhulumeli we-African National Congress uKeith Khoza, utshele iphephandaba wathi bayazi ngaleli qembu, nokho uthe abazi ukuthi ngobani abasunguli balo.

I-ANC kulindeleke ukuthi ifake isicelo sokuvimba ukusetshenziswa kwaleli gama, ngaphansi kwabe-Independent Electoral Commission.

Iphephandaba licaphune isikhulu esithize sikahulumeni, esikhulume sathi iqembu lisungulwe ngabathize abafuna uguquko futhi abangahambisani nokuthi umengameli uJacob Zuma, abuyiselwe esikhundleni sakhe.

Laba kuthiwa bafuna uSekela Mengameli uKgalema Motlanthe, abe ngumengameli olandelayo we-ANC, kuze ezophatha izintambo ngemuva kokhetho lwango-2014.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • mtsoloz - 2012-11-06 19:06

    Hake leyo ngumsangano

      lindaniinnocent.ntshangase - 2012-11-07 01:29

      Baze bangamagwala bo! Ngonyaka owedlule kwasungulwa iCOPE ngenxa yabantu abangahambisani noMsholozi. Kuyoze kube nini kusungulwa oqhib'khowe lapha emzanzi na?

  • bhekani.madonsela - 2012-11-06 20:28

    ngicabanga ukuthi lesi sikhulu sikahulumeni asizwanga ukuthi lakhiwe leni leli qembu ngoba abakwazi ukuqala iqembu Elisha uma befuna uMohlante ngoba uyoba umengameli wezwe ngo 2094 uma ekuleli qembu and two,ukwakha amaqembu out of anger kwakha inqwaba yamaqembu ayimphuphe njengo cope

  • linda.mthembu.18 - 2012-11-06 21:18

    Umlando uyasho ukuthi esikhathini sonke awaphumeleli amaqembu akhiwa ngentukuthelo ngicabanga ukuthi naleli uma lakhiwe ngentukuthelo angiboni liyophumelela. Ngingaxwayisa ngokthi bangabangi-ke izikhundla

  • mlungisi.madi - 2012-11-07 09:57

    ngiyawaqala amagwala kule gang kaMotlante kanti iphi le cohesion and unity abakhuluma ngayo. UZuma wethu sonyuka naye simubambe ngesandla siyongena naye ekhaye Mangaung

  • pages:
  • 1