News24

Lihlehlile elokubulawa kwesikhulu sikahulumeni

2013-01-03 15:03

Johannesburg - Lihlehlile eNkantolo yeMantshi eMankweng, icala lokubulala elibhekene nabafana abathathu nendoda eyodwa.

Okhulumela amaphoyisa eLimpopo, uBrigadier Hangwani Mulaudzi uthi icala lihlehlele umhlaka-16 Januwari.

Abasolwa babhekene necala lokubulala u-Ephraim Mashiane, 54, owabe engumqondisi eMnyangweni wezokuThuthukiswa koMnotho, esifundazweni.

UMashiane wanyamalala mhla lulunye kuSeptemba, kwatholakala imoto yakhe isishisiwe eGa-Mothapo, ePolokwane.

Yena isidumbu sakhe satholakala sintanta edamini iSchoonoord Dam, eSekhukhune.

Abasolwa ngumfana oneminyaka engu-16 ubudala, ababili abaneminyaka engu-19 ubudala kube ngoyedwa oneminyaka engu-20 ubudala.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).