News24

Lihlehlile elwakwaShembe

2013-02-04 16:43

Durban - Kuhlehlile eNkantolo eNkulu eThekwini ukulalelwa kwecala ekumele linqume ukuthi ngubani ofanele ukuhola ibandla lakwaShembe.

Ukulalelwa kwecala, akuqalanga ngendlela ebekulindeleke ukuthi kuqale ngayo njengoba abacwaningi balokho okubhalwe phansi, behlulekile ukunika inkantolo ubufakazi.

Ibandla iNazareth Baptist Church, laziwa ngokuthi yibandla lakwaShembe, langena ezinxhushuxhushwini ngesikhathi kukhothama umholi walo iNkosi uVimbeni Shembe, ngo-2011.

Indodana yeNkosi uMduduzi kanye nomzala wayo uVela Shembe, bobabili bafuna ukungena esihlalweni sobukhosi.

Ngokusho kwencwadi yefa, uVela nguye ekumele angene esikhaleni nokho abaholi bebandla bathi kumele kungene uMduduzi, nekunguye indodana.

UVela nguye owahambisa udaba enkantolo, icala lihlehlele uLwesibili.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • mkhize.zinhle.1 - 2013-02-04 22:44

    Nenyoni indiza indize kodwa amanzi iyehla izowaphuza la kwamhlaba. Surrender TZ unkunkulu UNYAZI LWASEBUHLENI BAMANAZARETHA

  • nkanyiso.shandu.9 - 2013-02-05 06:23

    Kanti bakithi yiniumzala? Babhali bolimi lwesiZulu ngicela nizifundise ukufunda nokuqondisisa ulimi lwesiZulu. Ningathathi into yesilungu bese niyiguqulela kalula nje esiZulwini. Isibonelo nje ngokwesiLungu umfowabo kababa u uncle nokamama ngokunjalo kodwa lokho akusho ukuthi sengizobiza umfowabo kababa ngomalume. Cha yekani ukudukisa

  • spacedlamini - 2013-02-05 09:59

    "...abaholi bebandla bathi kumele kungene Inkosi uNyazi lweZulu, nekunguye indodana..." Cishe zonke izintatheli ezibhala ngalelicala zicaphuna lamazwi angenhla. Kuyadumaza ukuthi izintatheli kazikaze zizihluphe ngokuthola ukuthi kungani kwamenyezelwa igama lendodana or kungani "abaholi bebandla" bengavumanga ukuthi kube "umzala" ohola ibandla. Noma icala lisaqhubeka (sub judice) khona izintatheli ebezizokuthola ngoba lokhu abalokhu bekuphindaphinda kukhombisa ukungacwaningi ngodaba olubaluleke kangaka (or ubuvila nje, if not prejudice). Nomakunjalo-ke iqiniso lizovela enkantolo, and that's the real reason, generally speaking, izwi lasenkantolo lithathwa more seriously kunelezintatheli....

  • pages:
  • 1