News24

Lihlehlisiwe icala lokudlwengulwa likanesi

2012-01-20 16:23

Bloemfontein - Lihlehlisiwe icala elibhekene nonesi osolwa ngokudlwengula isiguli esasibangwa nezibi esibhedlela saseBloemfontein.

INkantolo yeMantshi yaseBloemfontein iluhlehlisele uFubhuwari 7 lolu daba.

Lokhu kuhlehliswa kungenxa yokubandakanyeka engozini kommeli osingethe udaba lokushushiswa kwamacala omphakathi.

Lo nesi, 33, waboshwa emuva kokuthi isiguli, 50, sathi sadlwengulwa esibhedlela sikahulumeni ebusuku.

Lo wesifazane walubika ngo-Okthoba 15 lolu daba emaphoyiseni.

Lesi siguli, esesadlula emhlabeni, asikwazanga ukukhomba owesifazane owayehambisana nalo owamdlwengula.

Lo nesi wesilisa ungaphandle ngebheyili.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).