News24

Lihoxisiwe elikanesi lokudlwengula

2013-02-13 14:02

Bloemfontein - INkantolo eNkulu yaseBloemfontein ngoLwesithathu igeze igama likaMichael Moema, nongunesi wesilisa eFree State, emacaleni amabili okudlwengula isiguli ebebhekene nawo.

IJaji uFaan Hancke umthole engenacala uMoema, obesolwa ngokudlwengula isiguli esasiphethwe yisifo somdlavuza eNational Hospital eBloemfontein.

Ijaji lithe kungenzeka ukuthi isiguli asidlwengulwanga.

Kube nezinyembezi zenjabulo, lapho bekuhlezi khona ozakwaba bakaMoema.

UMoema uthe usengokhululekile.

Uthe izinsolo zokuthi wadlwengula isiguli bekungamanga aluhlaza wathi amanga awahlangani neqiniso.

"Ngijabule kakhulu,” kuphetha yena.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter