News24

Likhithikile eDrakensburg

2011-06-08 16:45

Durban - Ingxenye yezintaba zokhahlamba bezimbozwe iqhwa njengoba eqhubeka nokwehla amazinga okushisa esifundazweni saKwaZulu-Natal, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Inhlangano yomhlahlo wezulu iSouth African Weather Service imemezele ukuthi kuzoba namathuba ezimvula kulona lonke leli kanti futhi kulindeleke amakhaza ashubisa umnkantsha, ikakhulukazi eningizimu ntshonalanga namaphakathi nezwe.

UMurray Cairns, weSani Pass Tours, uthi liqale ngoLwesibili ebusuku ukukhithika.