News24

Linamacala iphoyisa eliphenya oluka-Oscar

2013-02-21 08:08

Johannesburg - Umphenyi ecaleni elibekwe umsubathi u-Oscar Pistorius, unamacala ayiskhombisa okuzama ukubulala alengela ekhanda lakhe, kuqinisekisa amaphoyisa ngoLwesine.

"Yebo. Yicala elilodwa elinezinsolo eziyisikhombisa zokuzama ukubulala," kusho okhulumela amaphoyisa aseGauteng uBrigadier Neville Malila.

Uthe uHilton Botha waqale wabekwa icala ngo-2009 kodwa icala lahoxiswa okwesikhashana. Icala lase lidluliselwa kumshushisi wamacala omphakathi.

"Saziswe ngoLwesithathu ukuthi icala lisaqhubeka," esho.

UMalila uthe uBotha usolwa ngokuthi wadubula ebhekise etekisini ngesikhathi ezama ukuyimisa.

Itekisi le yayinabantu abayisikhombisa phakathi.

UBotha ungumphenyi ecaleni lokubulawa kukaReeva Steenkamp, nokusolakala ukuthi wabulawa yisoka lakhe uPistorius ngeValentines Day.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • king.ndlangisa01 - 2013-02-21 08:46

    Akashintshwe umphenyi kunikwe omunye aphenye lelicala.

  • claire.wrightkunene - 2013-02-21 09:13

    Angiboni ukuthi lokhu kuhlanganaphi necala likaOscar

  • NkosieJali Ngcolosi Euccsa - 2013-02-21 09:24

    Kona kunzima ungaphenya kanjani icala lokubulala ekubeni kunecala ngawe lokubulala akutholakale omunye umphenyi

  • sngidi - 2013-02-21 11:29

    Kuhlanganaphi lokhu necala aliphenyayo?

  • pages:
  • 1