News24

Lingenile elokubulawa koweNkatha

2013-01-09 13:02

Durban - Usomatekisi waseThekwini uvele ngaphambi kweNkantolo yesiFunda eThekwini, mayelana necala lokuthunjwa nokubulawa kwekhansela leNkatha Freedom Party, uThemba Xulu.

Icala lomsolwa uSanele Zondi, 34, lihlehlele umhlaka-16 Januwari.

UXulu wathunjwa ngenyanga ka-Okthoba, esemzini wakhe esigcemini sakwa-A KwaMashu, ethunjwa ngamadoda amahlanu ayezenza amaphoyisa.

Ngemuva kwezinsuku ezimbili ethunjiwe, kwatholakala isidumbu sakhe ndaweni yasetafuleni eNanda.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Jay Naicker uthi abantu ababekha amakhowe, yibo abazithela phezu kwesidumbu sikaXulu, base betshela amaphoyisa.



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).