News24

Lisenkantolo iqola lase-casino

2013-04-18 14:33

Durban - Owesifazane osolwa ngokweba imali nobucwebe ebantwini ababeyogembula ema-casino ngesikhathi ethi ebenzela imigilingwane yenhlanhla uvele eNkantolo ePhathelene neziMali eThekwini ngoLwesine.

UNancy Shanelle Naidoo uzobuyela enkantolo ngo-Ephreli 22, nokuyilapho kulindeleke khona ukuba afake isicelo sebheyili, kusho uColonel Jay Naicker.

UNaidoo ubhekene namacala amathathu okukhwabanisa.

"Lona wesifazane waya kubantu abagembulayo e-casino esendaweni wabenza bakholwa ukuthi bazothola inhlanhla uma engabenzela umuthi,” kusho uNaicker.

Lona wesifazane usolwa nangokufaka izaguga izidakamizwa ukuze ezokwazi ukweba izinto zazo zikanokusho.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter