News24

'Mabaphume ePhalamende ongqongqoshe abaxoshwa'

2011-11-09 16:30

Cape Town - Kumele baxoshwe njengamaLungu ePhalamende ongqongqoshe ababili abadliwa yizembe, okunguGwen Mahlangu-Nkabinde noSicelo Shiceka, kusho iCope ngoLwesithathu.

Kuyalulaza ukuthi labo ngqongqoshe basengamaLungu ePhalamende, emuva kokuxoshwa emisebenzini yabo, kusho umholi weCongress of the People uMosiuoa Lekota.

"Sifuna izimpendulo kuMengameli Jacob Zuma ukuthi kungani laba besaqhubeka nokuthola imivuzo kahulumeni kodwa bebe bathela iminyango yabo ngehlazo."

ICope iphinde yafuna nokwazi ukuthi yiziphi izinyathelo ezithathwa nguZuma ukuze kubuye "inqwaba yemali eyabhubhudlwa" uShiceka eyovakashela intombi yakhe ejele eliseSwitzerland kanjalo nokuhlala kwakhe emahhotela kanokusho.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).