News24

Makubuyiselwe isithunzi se-ANC - Jordan

2012-10-11 12:02

Johannesburg - I-ANC idinga ukukhetha umengameli ozobuyisa isithunzi seqembu, kusho ilungu lekomidi eliphezulu kuzwelonke (NEC) uPallo Jordan ngoLwesine.

"Nomangabe ngubani ozoqokwa yi-ANC ngoNovemba kuzomele asebenzele ukubuyisa isithunzi esesilahlekele ihhovisi likamengameli," usho kanje esiqeshini asibhale kuBusiness Day.

"Iningi lamalungu e-ANC, ukukhethwa kukaJacob Zuma lalikubona njengento ezobanika inkululeko eqenjini, abebengayitholi ngesikhathi sikaThabo Mbeki," kubeka uJordan.

"Kodwa kunalokho, kudale ezinye izinkinga kwezombusazwe, ikakhulukazi ukwehla kwezinya labantu abethemba i-ANC. Izenzo zaZuma zizodwa zehlise isithunzi sesikhundla asibambile."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter