News24

Ningatatazeli ngoMandela - Maharaj

2012-12-10 12:05

Johannesburg - Asikho isidingo sokuthi abantu banyukelwe amaphaphu ngesimo sempilo salowo owayengumengameli uNelson Mandela, kusho iHhovisi likaMengameli ngoMsombuluko.

"Asikho isidingo sokuthi abantu batatazele, uMandela usezandleni zethimba lezempilo eliwaziyo umsebenzi walo," kusho okhulumela leli hhovisi uMac Maharaj.

Uthe isimo sezempilo sikaMandela sizokhishwa uma odokotela sebethintene nehhovisi.

UMandela, 94, ungeniswe esibhedlela ePitoli ngoMgqibelo "ukuyothola ukwelashwa okujwayelekile".

NgeSonto ekuseni, uMengameli Jacob Zuma uhambele uMandela esibhedlela wathi umfice "esesimweni esigculisayo".

Ube esecela abezindaba ukuthi bahloniphe impilo kaMandela yangasese, kanjalo neyomndeni wakhe ngalesi sikhathi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • sjabulile.mzila - 2012-12-10 13:41

    Ncoaw, aberyt utata

  • pages:
  • 1