News24

Obulele umkakhe uthole 15 weminyaka

2011-08-04 16:48

Johannesburg – Iphoyisa elitholwe linecala lokubulala inkosikazi yalo linikezwe isigwebo seminyaka engu-15 eNkantolo yeMantshi yaseSebokeng, kusho i-Independent Complaints Directorate (ICD) ngoLwesine.

UConstable Moeketsi Silvester Nyareli, 27, usexoshiwe emsebenzini.

NgoJuni, uNyareli watholwa enecala ngokudubulala unkosikazi wakhe, obeneminyaka engu-23 ngesibhamu sakhe somsebenzi.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.