News24

Ohola impesheni kwelokudlwengula

2013-01-29 16:24

Johannesburg - Ikhehla elineminyaka engu-69 ubudala, livele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng, mayelana nokudlwengulwa kowesifazane okhubazekile.

Lokhu kuvezwe ngamaphoyisa aseLimpopo, ngoLwesibili.

UJohn Molepo, waseGa-Molepo, eMaripathekong, ubhekene necala lokudlwengula intombazane eneminyaka engu-18 ubudala, engakwazi ukukhuluma.

Ngokusho kukaConstable Moses Molepo, umsolwa uzobuyela ngaphambi kweNkantolo mhlaka-5 Febhuwari.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).