News24

OwaseBrazil ubanjwe nezidakamizwa e-OR Tambo

2012-10-23 14:29

Johannesburg - Ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela indoda ebanjwe nesidakamizwa esingu-3kg sohlobo lwe-cocaine, esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport, kusho abakwaSA Revenue Service.

Umsolwa ngowaseSao Paulo, eBrazil, lona udluliselwe emaphoyiseni ngoMsombuluko ngemuva kokubanjwa nesidakamizwa esingadla inani elingu-R1.5 million, ngentengo yasemgwaqeni.

Okhulumela abakwaSars uMarika Muller uthi isidakamizwa lesi sihogelwe yinja abasebenza nayo ekuthiwa nguMonty.

Umsolwa uzovela ngaphambi kwenkantolo maduze.
 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Comments
  • soshawatson - 2012-10-24 08:54

    Akagwetshwe lomlisa esiqinile isgwebo ngoba naphesheya abam'ncengi ophuma ngaphandle ukuze bezosaba ukuzomosha izwe lethu nabanye

  • pages:
  • 1