News24

OwaseZim ubanjwe nogwayi womkokotelo

2012-12-05 16:37

Johannesburg - Umlisa mumbe oneminyaka engu-24 ubudala, ongowokudabuka eZimbabwe, uboshwe ngamaphoyisa ngemuva kokubanjwa nogwayi womkokotelo.

Umsolwa ubanjwe ngasemngceleni iSkilpadshek, ngaseBotswana, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Amaphoyisa asebenza emngceleni abambe amaphakethe kagwayi angu-2657.

Ugwayi ubanjwe ngezithuba zasekuseni, kusho uLieutenant Colonel Emelda Setlhako.

"Amaphoyisa abehlola wonke umuntu obengena kuleli, ugwayi ubanjwe ngaphansi kukakhaphethi obufakwe ebhuthini emotweni."

USetlhako uthi ugwayi unentengo yasemgwaqeni ka-R37 940, umsolwa uzovela ngaphambi kwenkantolo maduzane.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).