News24

Owesifazane ubulale intombi yowayeyisoka lakhe

2011-04-11 16:41

Johannesburg - Amaphoyisa aseMpumalanga athi owesifazane, 20, ushaywe kabi isixuku ebesiwotha umbomvu waphinde waboshwa ngezinsolo zokushaya intombi yalowo owayethandana naye ePietjieskraal Village ngaseSiyabuswa.

"Lo wesifazane uye kwasoka wayolanda ingane yabo eneminyaka emithathu ubudala ngezithuba zehora lesithupha ntambama, kodwa kunalokho wafika wazithela entombini entsha," kusho owamaphoyisa uConstable Busi Mtshweni.

"Kusolakala ukuthi laba besifazane bebe sebehilizisana. Lo wesifazane ube esehosha into ecijile wagwaza imbangi yakhe entanyeni wabaleka."

Umlisa obangwayo, 31, ufike kubo wathola intombi yakhe entsha ilele edamini legazi njengoba igcine ngokushonela endleleni eya esibhedlela eMmametlhake Hospital.

"Lo wesifazane waphinda wabuyela kasoka futhi emuva kwamahora ambalwa nalapho azithela khona esixukwini sabantu esamkhanda ngamatshe nangokunye, waze wasizwa amaphoyisa ukuthi ambophe," kusho uMtshweni.