News24

Owesifazane ubulale isoka

2012-12-27 14:31

Johannensburg - Owesifazane usolwa ngokubhokoda ngommese abulale isoka lakhe, 39, e-Addo, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine.

UWarrant Officer Marianette Olivier uthe lo wesifazane usolwa ngokugwaza isoka lakhe ngoKhisimusi ngemuva kwengxabano eNomathamsanqa.

U-Olivier uthi abangani babe sebebalamula isoka lahamba, kuthiwa libe selibuya nomphini wempiki.

Owesifazane ube esemgwaza waphelela endaweni yesehlakalo.

Ube esekhalelwa ngamasonto kaSigonyela kanti kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseKirkwood ngecala lokubulala.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter