News24

Owesilisa ubulale intombi yakhe e-E Cape

2011-11-17 08:05

Johannesburg - Amaphoyisa ase-Eastern Cape ngoLwesine athe owesilisa usolwa ngokugwaza abulale intombi yakhe, 23, eBongweni eMthatha.

ULieutenant Colonel Mzukisi Fatyela uthe lo wesifazane ugwazwe ngoLwesithathu ebusuku.

Isidumbu sakhe sitholwe omakhelwane, nokuyibona abazise amaphoyisa.

UFatyela uthe umsolwa ube esebaleka emuva kwalesi sigameko, kodwa uthe uzoboshwa kungekudala ngoba amaphoyisa ayamazi.



 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter