News24

Sekushone 2 emuva kokuqhuma kwegesi eKapa

2013-02-14 10:05

Johannesburg - Sekushone umlisa wesibili kulandela isehlakalo sokuqhuma kwegesi efemini eseDurbanville, eKapa, kusho abazemililo nezinhlekelele edolobheni.

"Indoda lena ishonele esibhedlela ebusuku," kusho okhulumela uphiko, uTheo Layne.

Ukuqhuma kwenzeke ngoLwesithathu ntambama ngesikhathi kuqhubeka umsebenzi efemini iGlobal Gases, kuContermanskloof Road.

Sekushone abantu ababili, kwalimala abanye abayisithupha, umuntu oyedwa ushumpuke imilenze yomibili, omunye walahlekelwa umlenze owodwa.

Abalimale bangeniswe esibhedlela bephuthunyiswa ngendiza enophephela emhlane.

ULayne uthi ukuqhuma kubhidlize izindonga, uthi-ke kuzohlolisiswa ibhilidi.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).