News24

Siboshiwe isangoma ebesimba ithuna

2012-10-05 14:07

Johannesburg - Isangoma nomshayeli waso bakhalelwe amasongo kaSigonyela ngezinsolo zokumba ithuna emathuneni aseMmabatho, kusho amaphoyisa aseNorth West ngoLwesihlanu.

"Kutholakale izicubu zomuntu, okusolakala ukuthi ezomuntu oyisishawa owangcwatshwa ngo-2002, ngesikhathi beboshwa," kusho okhulumela amaphoyisa u-Amanda Funani.

Amaphoyisa aseshe laba bobabili ngesikhathi bebonakala bephuma emathuneni aseMoletsamongwe ngabo-02:30.

NgokukaFunani, leli thuna like lathintwa futhi ngo-2011, kodwa kwangaboshwa muntu.

Lesi sangoma, 54, nomshayeli waso bazovela eNkantolo yeMantshi yaseMmabatho ngoMsombuluko.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • Nelly Portia - 2015-04-18 14:00

    Izangoma ziyahlupha ngoba zisuke zinomthelela okushona kwabantu ziphinde futhi zilaphe abantu ngezicubu zomziba womuntu..kumele ziphele izangoma eSouth Africa.kumele siboshwe udilika jele besifunani eMathuneni!

  • pages:
  • 1