News24

Sizokhele ngomlilo isiboshwa

2012-03-22 14:02

Johannesburg - UMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uthi uphenya ngesehlakalo sokuzokhela ngomlilo, okwenziwe yisiboshwa ejele elisePitoli, kusho umthombo wezindaba i-Eyewitness News.

Abalaleli abaningi bashayele emsakazweni besho ukuthi isiboshwa sizishisile ngoba uMnyango bewala ukusithuthela ejele eliseduze nasekhaya.

Esinye seziboshwa sibhekene necala lokulimaza impahla njengoba kuphuke isigubhu sokucisha umlilo ngesikhathi sizama ukusiza.

“Abanye bethu bagijime bayobikela izikhulu. Zifike sekuphele imizuzu engu-30, bese siwucishile umlilo," kusho isiboshwa.

“Sibhekene necala lokuphula umshini wokucisha umlilo," kusho lona wesilisa.

Okhulumela uMnyango uZacharia Modise, uthi uphenyo oluseqophelweni eliphezulu luyaqhubeka.

“Akuvumelekile ukuthi lezi ziboshwa zingabhekana necala lokubulala umshini wokucisha umlilo, kumele sithole ukuthi kungani bekungekho sisebenzi somnyango ngesikhathi kwenzeka lokhu."

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).