News24

U-R100m wokuqinisa ezokuphepha ezitimeleni

2013-01-04 15:06

Johannesburg - AbakwaPassenger Rail Agency of SA ( Prasa), bathi sekubekwe eceleni isamba esingu-R100 million, kuze kuzoqiniswa ezokuphepha kwabagibeli nabasebenzi, kusho umbiko wakwaMetrorail, ngoLwesihlanu.

Lokhu kuza ngemuva kokubulawa komshayeli wesitimela, owabulawa ngoKhisimusi.

"Kwandiswe imali yokubhekela ukuphepha ngo-R100m, kuzofakwa amakhamera akwa-CCTV, umsakazo wangaphakathi kuphinde kwandiswe nezomoto ezizohamba onogada,” kusho okhulumela inkampani uLillian Mofokeng.

Umshayeli wesitimela uJP du Plessis, watholakala egwazwe wabulawa esiteshini iHercules, ngaphandle kwasePitoli, mhlaka-25 Disemba.

AbakwaPrasa, Metrorail, United Transport Trade Union, SA Railway kanye nabakwaHarbour Workers Union (Utatu-Sarhwu), babe nomhlangano wokudingida ngokuphepha kwabasebenzi nabagibeli, kwase kuvunyelwana ngokuthi kwandiswe imali.



 

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • mfanah.radebe - 2013-01-06 10:47

    employment opportunity SECURITY yekani ukukhetha yojika nelanga till.............

  • pages:
  • 1