News24

U"Fezi" ubenesibindi - YCL

2012-12-03 10:03

Johannesburg - UNgqongqoshe wezeMpilo eFree State, nongasekho, uFundiswa "Fezi" Ngubentombi, ubenesibindi, kusho iYoung Communist League kulesiya sifundazwe ngoMsombuluko.

Okhulumela i-YCL esifundazweni uFezile Sonkwane umchaze njengomholi obezinikele, ezithobile futhi esebenza kanzima.

"Ngaso sonke isikhathi ubelwela ukungasihlazi isithunzi se-ANC kanjalo nesikahulumeni. Ubesebenza ngokungakhathali elwela lokho akholelwa kukho," esho.

"Abantu baseFree State balahlekelwe kakhulu."

UNgubentombi ushone engozini kanye nephoyisa kuN1 ngaphandle kwaseBloemfontein ngoMgqibelo.

Ingane -- nebihlobene naye -- nephoyisa elivikela izikhulu basindile kule ngozi.

Bebebuya eralini nasemcimbini wokuvulwa kwesikhungo eQwaQwa, nobuhanjelwe nguMengameli Jacob Zuma.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

Comments
  • masixolentunguntwana.rangerover - 2012-12-04 12:34

    U-Fezi ebekhuthele, kwaye ebekwazi okohlula phakathi kokukungile kanye nokubi ke. Kodwa ke thina manje sisele nomsebenzi omkhulu kabi wokthi thina sithathe the legacy left behind by uFezi to make sure that the Free State province and the entire South Africa receives a better health. May the soul of Fezi Ngubentombi rest in peace sizokukhumbula ngako konke akwenzile emphakathina kanti ke nasezweni kazi iSouth Africa

  • pages:
  • 1