News24

UJackie Selebi ungeniswe esibhedlele

2011-12-02 16:38

Johannesburg – Owayengukhomishana wamaphoyisa kuleli, uJackie Selebi ungeniswe esibhedlele emuva kokuzwa ukuthi sichithiwe isicelo sakhe eNkantolo eNkulu yokuDluliselwa kwamacala, kusho ummeli wakhe ngoLwesihlanu.

USelebi uquleke wangakwazi nokuhamba ngesikhathi ebukela kuthelevishini ukuthi kuzokwenzekani ngaye.

"Isimo sibi kakhulu," kusho uWynanda Coetzee.

Ubeyilungu labanye balabo ababemvikela ngesikhathi enikezwa iminyaka engu-15 ejele.

USelebi unikezwe amahora angu-48 ukuze ezoqala isigwebo sakhe.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).