News24

UMadonsela ezinsolweni zokukhwabanisa

2013-02-13 10:02

Johannesburg - UMvikeli woMphakathi uThuli Madonsela uzovela ngaphambi kwePhalamende ukuziphendulela ngezinsolo zabasebenzi bakhe ehhovisi eliseKimberley lokwamukela ukufumbathiswa yiDA ukuze lihambise phambili izigameko ezithile ezidinga ukuphenywa eNorthern Cape, kubika iSowetan.

Ikomidi lezobulungiswa nokuthuthukiswa koMthethosisekelo ePhalamende lifuna ukuthi uMadonsela achaze ngezinsolo zokuthi waqasha abanye abantu ukuba benze umsebenzi okwakufanele wenziwe ngabasebenzi bakhe, okubalwa nokuphenywa kukalowo owayenguNgqongqoshe wezokuXhumana uSiphiwe Nyanda ngemali engu-R300 000.

Lezi zinsolo ezithusayo ziqukethwe yincwadi ebhalwe ngulowo owayeyisekela lakhe, uMamiki Shai, nabanye abasebenzi abathi "bangabasebenzi abakhathazekile beHhovisi loMvikeli woMphakathi".

Le ncwadi ithunyelwe ehhovisi likaSomlomo wePhalamende uMax Sisulu.

UShai, nokusolakala ukuthi abahoshelani umoya noMadonsela, washiya isikhundla sakhe ekupheleni konyaka odlule ngemuva kokuphela kwenkontileka yakhe.

ILungu leDA ePhalamende uDebbie Schafer uzichithe njengamampunge lezi zinsolo.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


Comments
  • sihlederrick.gwala - 2013-02-13 11:51

    Sebezama ukukukhubaza Ntombi ngoba wenza oncomekayo umsebenzi.

  • Loyiso007 - 2013-02-13 17:13

    This lady is bitter b'coz her expired contract wasn't renewed... It's the 2nd tym that she comes up with non-sense allegations. But if this is all true, let them put proof on the table!

  • pages:
  • 1