News24

UPhiyega ukhathazekile ngesihluku samaphoyisa

2013-02-28 14:02

Johannesburg - UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uRiah Phiyega ukhathazele kakhulu ngezinsolo ezithi amaphoyisa ahlukumeze abulala umshayeli wetekisi e-East Rand, kusho ihhovisi lakhe ngoLwesine.

"Udaba luyacwaningwa ngukhomishana, uselugxeke kakhulu," kusho umkhulumeli wakhe uBrigadier Phuti Setati.

Umshayeli wetekisi odabuka eMozambique, uMido Macia, 27, uhudulwe ngeveni yamaphoyisa, wagcina ngokushonela esitokisini eDaveyton, eBenoni.

USetati uthi lesi sehlakalo sesibikwe kwabakwa-Independent Police Investigative Directorate (Ipid), kuze kuzoqhutshwa kahle uphenyo.

UPhiyega usecele uKhomishana obambile uMajor-General Phumzo Gela, ukuthi aqhube uphenyo lwangaphakathi, bese emthumelela impendulo.

Inhlangano i-Amnesty International isisigxekile lesi senzo.

"Kuyakhathaza ukuthi ziyanda izehlakalo zokuhlukumeza ezithinta amaphoyisa eNingizimu Afrika," kusho uMqondisi kwa-Amnesty International, uNoel Kututwa.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Comments
  • Sphume Ntuli - 2013-02-28 20:37

    Ibuhlungu impela lendaba eyenziwa abantu esithembele kubo ukuthi basivikele.uHulumeni akayixazulule lenkinga sikhathele manje.

  • Washington Washy-Boy Luthuli Jr. - 2013-03-01 08:37

    Sengiqala kuwazonda maphoyisa ngifisa sengathi bengacala phansi bantu bawabulale ngoba analesihluku....

  • pages:
  • 1